Johannesburg - UMengameli wezwe uJacob Zuma, uzochitha usuku lwangoLwesibili nezaguga nabantu abahlwempu, kusho umbiko weHhovisi likaMengameli.
"NgoLwesibili, mhlaka-23 Disemba, uMengameli uJacob Zuma uzochitha usuku nemindeni ehlwempu kanye nabantu asebekhulule. Uzodla nabo isidlo sikaKhisimusi," kusho isitatimende esithi idili lizokuba seSavannah Park, kusukela ekuseni ngo-09:00.
Kubhekeke ukuthi umengameli anikele ngomfaniswano wesikole, izipho zikaKhisimusi kanjalo nokudla.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.