Johannesburg - Zimkhalele ubaba waseKagiso eWest Rand, osolwa ngokudlwengula indodana yakhe eneminyaka eyishumi ubudala, kusho amaphoyisa aseGauteng.
Umakhelwane utshele amaphoyisa ukuthi kukhona angakuboni kahle ngengane, ubaba wase eboshwa ngoLwesine, kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Solomon
Sibiya.
Kuthiwa ingane ibinukubezwa uma unina engekho ekhaya.
"Umsolwa ubesabisa ingane athi uzoyibulala uma ike yakhuluma," kusho uSibiya.
Umfanyana ugcinwe endaweni ephephile kanti uyise uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eKrugersdorp, maduzane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).