Cape Town - Ilungu lePhalamende eqenjini leNkatha Freedom Party, uMario Ambrosini, ubekwe ekhaya lakhe lokugcina ephelezelwa amalungu omndeni, izihlobo nozakwabo kwezombusazwe.
U-Ambrosini ozalwa eNtaliyane, udlule emhlabeni emavikini amabili edlule, ngemuva kokuguliswa wumdlavuza kusukela ngo-Ephreli ka-2013.
Kusukela aqala ukugula, ubezama ukucindezela uhulumeni ukuthi aphasise ukubhenywa komthunzi wezinkukhu, ethi uyikhambi elisebenzayo ekulweni nalesi sifo.
U-Ambrosini ubesondelene kakhulu nomholi weqembu uMangosuthu Buthelezi, ophawule wathi: "Ubefana nendodana yami. Ubengumeluleki wami, uzakwethu nomngani. Sengike ngangcwaba abantwana bami abahlanu, ngizwa ubuhlungu obufanayo nengabuzwa ngaleso sikhathi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.