Cape Town – IMeya yaseKap uPatricia De Lille uqokwe njengomholi weDemocratic Alliance esifundazweni saseWestern Cape ngemuva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi lapho ebeqhudelana khona noLennit Max.
Imiphumela yokunqoba kukaDe Lille ikhishwe e-His People’s Church eGoodwood eCape Town ngoMgqibelo ntambamalapho bekukhona abantu abangaphansi kwenkulungwane ngokusho kwabahleli.
UGreg Krumbrock obefunda imiphumela udalule ukuthi uDe Lelle unqobe ngamaphesenti angu-69 kwathi imbangi yakhe yalandela ngo-31%.
OLUNYE UDABA: UMaimane wamukele ukuphakanyiswa kwegama lakhe
Ezibongela uDe Lille uthe:
“Ngiyabonga kakhulu, ngizizwa ngithobekile ngokungithemba kulesi sikhundla sokuhola i-DA kulesi sifundazwe,” esho. Unanele ngokubonga u-Hellen Zille.
“Njengoba ngimile lana ngibonga kakhulu uHellen ngokusebenza kwakhe ngokuzikhandla ukubeka leli qembu lapho likhona.
Ukhombise ukuzinikela ukuze i-DA ibe yiqembu elikhulu eNingizimu Afrika futhi elikhuluma kuzwakale,” ebonga.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho