Johannesburg – Umlisa waseGermiston ubhekene necala lokuzama ukubulala ngemuva kwezinsolo ezithi uzame ukulengisa umfana oneminyaka engu-10 ubudala obanjwe eshaya izinyoni ngamatshe.
Amaphoyisa athi umlisa oneminyaka engu-48 ubudala uboshwe eRondebult, eGermiston, ngoMsombuluko ntambama.
Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston ngoLwesibili.
"Izingane…bezidlala zishaya izinyoni ngamatshe,” kusho uCaptain Tsekiso Mofokeng.
Funda nalolu daba: Kuboshwe iphoysia kwelokuthunjwa kukamama nosana
"Umsolwa ubaxoshile ngemuva kwalokho wabajaha. Ubambe ingane eyodwa wahamba nayo waya kwakhe nokuyilapho kuthiwa uthathe khona intambo wazama ukuyilengisa.”
UMofokeng uthe ezinye izingane zimise owesifazane obedlula ngendlela zamtshela ukuthi kwenzakalani.
"Ube esehamba wayosiza ingane.”
Ingane ayilimalanga.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.