Kusolwa ukuthi lo mlisa oneminyaka engu-31 ubudala wabulala umkakhe erenki yamatekisi eseduzane ngoMsombuluko kusihlwa, kusho uCapt Pelonomi Makau.
“Laba bashadikazi abadabuka eLesotho babe nengxabano lapho umsolwa esole umkakhe ngokuphinga,” esho.
“Kusaqhubeka impikiswano umsolwa ube esekhipha ummese wambhokoda ngawo unkosikazi wakhe izikhawu eziningana emzimbeni,” kusho uMakau enanela ngokuthi owesifazane uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho efike waphangalala khona.
OLUNYE UDABA: Ugwetshwe 14 weminyaka ngokubulala umkakhe
Kubikwa ukuthi umsolwa uthole isibhaxu walimala kumalungu omphakathi acasulwe yisenzo sakhe.
“Amaphoyisa anxusa amalungu omphakathi ukuthi angazithatheli umthetho ngesandla, kumele ayeke umethetho uthathe indawo yawo,” esho.
Kubikwa ukuthi umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho