Cape Town – Umndeni owakhulisa uZephany Nurse uthi ukhulisa ingane yawo, ubuhlungu kakhulu ukwamukela ukuthi le ngane ayihlobene nawo.
NgoMgqibelo isihlobo somlisa obekwaziwa ukuthi uyena ubaba kaZephany sithe: “Namanje asikholwa. Akulona iqiniso leli. Sisathukile. Sithuke kakhulu.”
Ngesikhathi sikhuluma siseLavender Hill nokuyilapho akhulele khona uZephany, lesi sihlobo sithe lo mlisa obekuthiwa ungubaba wale ngane ubesizana namaphoyisa aseBellvile ngoMgqibelo.