Share

Ubuyela enkantolo uMdluli - Umbiko

Johannesburg – Lowo oyiNhloko yophiko lwezobunhloli owamiswa esikhundleni, uLieutenant-General Richard Mdluli noColonel Heine Barnard kulindeleke ukuba bavele eNkantolo ePhathelene nezeziMali ngoLwesithathu ngamacala okukhwabanisa.

"Ngeke kwenzeke lutho olutheni uma sebevele enkantolo, kepha icala lizohlehliswa,” kusho oweNational Prosecuting Authority uVelekhaya Mgobhozi.

INkantolo yokuDluliswa kwamaCala ngomhlaka-13 Mashi yakhipha isinqumo yathi amacala ayebekwe uMdluli awaphinde aqulwe, kulandela isinqumo sikaMqondisi wezokushushiswa komphakathi uMxolisi Nxasana.

OLUNYE UDABA: Azobuyiselwa amacala ayebekwe uMdluli - NPA

UMdluli noBarnard, naye owayekwezobunhloli, babhekene namacala enkahlakalo, ukukhwabanisa nokukwenza imali ngokungemthetho.

UMdluli kusolakala ukuthi wayeqasha izihlobo nobhululu bakhe ezinhlakeni zobunhloli futhi exhaphaza izimali zoMbuso ethenga izimoto zikanokusho.

INetwerk24 ibike ukuthi, ngokwamaphepha afakwe enkantolo, ukukhwabanisa lokhu kubalelwa enanini elingu-R1.28m.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
34% - 312 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
66% - 602 votes
Vote
Rand - Dollar
19.05
-0.4%
Rand - Pound
23.72
-0.4%
Rand - Euro
20.25
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.22
+0.0%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
980.40
+0.5%
Palladium
1,024.00
+0.1%
Gold
2,372.56
-0.5%
Silver
28.29
-2.0%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
67,097
-1.8%
All Share
73,217
-1.8%
Resource 10
61,620
-3.5%
Industrial 25
98,923
-1.2%
Financial 15
15,653
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE