New York – Angase abhadle ejele iminyaka eyisikhombisa owesifazane olahlwe yicala lokudubula isitolo sokudlela McDonald kulandela ukuthi izisebenzi zalesi sitolo zikhohlwe ukufaka ubhekeni kwi-burger yakhe.
Ngokubika kweTime uShaneka Monique Torres oneminyaka engu-30 ubudala wathenga i-cheeseburger enobhekeni esitolo sakwaMcDonald kodwa ngesikhathi isifika kuyena yabe ingenawo.
Kubikwa ukuthi wakhononda kwimaneja yalesi sitolo wabe esenikezwa iburger yamahhala ngokusho kombiko.