Durban - INkantolo yokuDluliswa kwamaCala isihoxisile isigwebo sowelisa waKwaZulu-Natal, nowagwetshwa iminyaka engu-15 etholoza endlini emnyama ngendima ayidlala ekubulaweni kukamalume wakhe.
UBeenesh Dewnath ubabele kule nkantolo ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaKwaZulu-Natal yamlahla ngecala lokubulala.
UWilliam Themba Sithole walivuma icala wathi waqashwa ngabazali bakaDewnath ukuba abulale umalume wakhe.
USithole wathi uDewnath wayekwelinye igumbi ngesikhathi kwenziwa isivumelwano kepha kukhona akusho - nokungamazwi inkantolo eyanquma ukuthi ayegqugquzela uSithole ukuba enze lobu bugebengu.
Inkantolo ibe isikhipha isinqumo sokuthi ukukhuluma kukaDewnath angeke kusetshenziswe njengobufakazi bokuthi wakha itulo nabazali bakhe ukuze kubulawe umalume wakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter