USphamandla Mncwabe wadlwengula intombazane, 14, ngoDisemba 2011, kusho okhulumela i-NPA uNathi Mncube esitatimendeni.
Kuthiwa le ngane yalethwa ngumama wayo kuye njengoba engumelaphi owaziwayo endaweni.
“UMncwabe walutha umama wale ngane ngokuthi kuzomele ayelaphe ihlala naye, nangempela umama wavuma ukushiya ingane.
“Kuthiwa wayedlwengula le ngane eyikhohlisa ngokuthi uyayelapha. Kwesinye isikhathi wayeyiphuzisa utshwala athi amadlozi yiwo amyalele ukuba ayiphuzise,” kusho uMncube.
UMncube uqhuba ngokuthi le ngane yayititinywa ngenduku uma inqaba ukulala noMncwabe.
NgoMeyi 2012, waphinde wadlwengula enye intombazane eneminyaka engu-14 ubudala.
Kuthiwa le ngane yayingaguli ndawo kepha uMncwabe wasukela umama wayo wathi idinga ukwelashwa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho