Durban - Amalungu amabili eqembu lezigelekeqe eladubula labulala umlisa insimini yakhe yombila anikezwe udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu.
UJaji Thoba Poyo-Dlwati uthe ubugebengu bukhule ngamandla KwaZulu-Natal.
Uthe kuleli sonto nje kuphela usegwebe abantu abalinganiselwa kwabahlanu, abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-37 ubudala, ngamacala ahlukene.
Funda nalolu daba: Limlahlile owabiza isisebenzi ngekhafula.
Ngesikhathi egweba uNhlanhla Gumbi, 37, noSiyathemba Mfeka, 22, ngokubulala uRajoo Grewan, 41, kanye nangamacala okuphanga, umehluleli uthe isenzo sabo sasiqhutshwa umhawu.
Uthe ababulali bakhombise ukungayikhathaleli impilo yomuntu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.