Johannebsurg - INkantolo eNkulu yase-East London igwebe umalugaju uPhumzile Luzi odilikajele abathathu ngamacala okudlwengula abesifazane abane esikhathini esingangezinyanga ezingu-18.
Omunye wabesifazane owadlwengulawa wayengumfundi wenyuvesi iWalter Sisulu.
Funda nalolu daba: Ubanjwe nomuthi egcekeni lomuntu
Kusolaka ukuthi uLuzi wayezenza umshayeli wamatekisi ukuze ezohlasela izisulu okubikwa ukuthi zonke zazibalelwa eminyakeni engu-20 ubudala.
Bonke laba besifazane babekhuluma izinto ezicishe zifane ngesikhathi bethula ubufakazi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.