Johannesburg - INkantolo eNkulu ebihlezi kweyeMantshi eMthunzini igwebe abalisa ababili udilikajele ngamacala amabili okubulala, okubalwa kuwona nelokubulala iphoyisa, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.
USanele Chonco noXolani Khumalo, abaneminyaka engu-26 ubudala, banikwe udilikajele neminyaka engu-30 ngaphezulu ngecala lokuphanga nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, kusho uColonel Jay Naicker.
Babulala uConstable Mesula Mavimbela bamphuca imoto yakhe yohlobo lweToyota Verso kanye nesibhamu somsebenzi ngoDisemba 2012.