Johannebsurg - Umlisa wase-Eastern
Cape udubule wabulala unkosikazi wakhe ngemuva kwalokhu wazidubula naye
ngezithuba zasekuseni ngeSonto, kusho uColonel Mzukisi Fatyela.
Funda nalolu daba: Akwaziwa ngencwadi eyayigunyaza ukuboshwa kukaZuma.
Amaphoyisa athi ezwe kuthiwa lezi zithandani zibenengxabano ngaphambi kokuba umlisa oneminyaka engu-39 ubudala adubule unkosikazi wakhe oneminyaka engu-33 ubudala, wabe esezibulala naye, eNcambele, ngaseMthatha.
Amaphoyisa avule icala lokubulala kanti azokwenza uphenyo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.