Share

'Ufele isikhundla sakhe uthishanhloko waseKZN'

Durban – Uthishanhloko waseVilla Maria School eBishopstowe ngaseMgungundlovu ubulawe eMgungundlovu kuTable Mountain Road ngoLwesithathu.

UNokuthula Magwanyana,45, uphume esikoleni elibhekise ekhaya eMgungundlovu ngezithuba zabo-16:00 ngesikhathi ehlaselwa.

Umthombo wamaphoyisa uthe kukholakala ukuthi uMagwanyana, obeshayela imoto yohlobo lweChevrolet, uphoqwe yiqulu labalisa ukuba aphume emgwaqeni.

Kuthiwa leli qulu belilokhu limsabisa futhi lithi akesule esikhundleni sakhe.

Abosizo lokuqala bathole isicabha sivuliwe uMagwanyana ephakathi.

Funda nalolu daba: Itholakele ingane eyahlwithwa kunina emtholampilo

Kuthiwa ubenamanxeba cishe angu-8 okungwazwa emqaleni, emhlane nasebusweni.

Umthombo uthe uMagwanyana ubesanda kuvula icala lokwesatshiswa esiteshini samaphoyisa eBishopstowe, washo nokuthi angase abulawe.

Okhulumela amaphoyisa uMthokozisi Ngobese uthe bayaphenya.

Uthisha ofundisa esikoleni sikamufi, ongafunanga kudalulwe igama lakhe, uthe kunothisha nabazali ababengeneme ngokuqashwa kukaMagwanyana kulesi sikhundla ngo-2013.

UMagwanyana wayeyi-HOD ngaphambi kokuba aqashelwe kwesikathishanhloko, kubika iDaily News.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1026 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1089 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE