Johannesburg - Omunye womama bezingane ezaphambana esibhedlela eBoksburg, usebabele enkantolo ngenhloso yokuphoqa ukuthi ingane yakhe ibuyiselwe kuye, kusho umbiko weSunday Times.
"Sesikhulumile ngezindlela ezizolandelwa ekukhulisweni kwezingane kuze omama bezokwazi ukubona izingane abazizala bona uqobo," kusho ummeli womunye bomama uHenk Strydom.
"Angeke kwenzeka ukuthi kungabi khona ukuxhumana phakathi komama nezingane."
Kwaphambana ingane yomfana neyentombazane ngesikhathi abazali bebeletha esibhedlela i-OR Tambo Memorial, mhlaka-2 Agasti, ngo-2010.
Indaba yokuphambama kwezingane yahlala obala ngesikhathi ubaba wenye yezingane ethi ufuna kuhlolwe ulibofuzo lwengane, kwatholakala ukuthi ayihlobene namuntu kubazali bayo.
Ngokusho kophenyo lwesibhedlela, umbelethisi waphambanisa ngephutha amagama ezingane, omama bagcina bethola izingane ekungasizo ezabo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.