Johannesburg - Owesifazane wakuleli oboshelwe icala lokuzama ukushsushumbisa izidakamizwa eThailand uNolubabalo Nobanda uthe wayezobulawa ukube wanqaba ukuqhubeka nomsebenzi, kusho umbiko ngoLwesihlanu.
Iphephandaba i
The Star Africa ibike yathi uNobanda, ogwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele uthi akashushumbisi izidakamizwa kodwa yena uyisisulu sokushushumbiswa kwabantu, uthe wathathwa ngabantu bokufika abakuleli laseNingizmu Afrika.
"Ukube abaseNigeria bathola ukuthi angeke ngizithuthe izidakamizwa, babezongibulala," kusho uNobanda esitatimendeni.
Uthe umngani wakhe uSulezo Rwanqa, wanikwa umsebenzi wokuthi athengise izigcobo ezisuka eBrazil, azithengise eNingizmu Afrika.
UNobanda uthe owesifazane owahlangana nabo eBrazil, wathukuthela ngesikhathi ebabona ukuthi basebancane ngokweminyaka, uthe babe sebeqeqeshwa.
Uthe uqeqesho lwaqala ngokuthi bagwinyiswe amajazi abakhwenyana anezidakamizwa, uthe yena wabe ehluleka ukuhlala nezidakamizwa esiswini.
"Ngathi ngifika nje eThailand kwangathi bese ngivelwe ngilindelwe ngoba nganqakwa ngamaphoyisa."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
SAPA