isiZulu

Ugula kakhulu uSelebi

2012-08-07 16:45
Johannesburg - Loyo owabe enguKhomishana wamaPhoyisa uJackie Selebi, ugula kakhulu njengoba exinwe yinso, ukufa kohlangothi, yinhliziyo, amehlo nezinye izifo eziningi, kusho umbiko odluliselwe kumalungu ePhalamende ngoLwesibili.

Ukugula kangaka kwakhe yikho okuphoqe ukuthi anikezwe ushwele wokugula, kusho isikhulu seMedical Parole Board, u-Angelique Coetzee.

UCoetzee uveze ukuthi uSelebi wabe eguliswa yinso kungakaqali ngisho icala lakhe.

"Kungakaqalwa ngisho ukuthethwa kwecala lakhe, wabe evele eselashelwa inso,” kutshelwa iPhalamende.

"Akukhethwanga iphela emasini, akukho muntu osifakele ingcindezi. Uyagula, bukhona ubufakazi balokhu esikushoyo.”
 
Ngemuva kokudedelwa kukaSelebi, kwaqubuka imibuzo ngesimo sakhe sezempilo kanjalo nangokuphasiswa kukashwele wakhe.

USelebi, 62, wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele mayelana nenkohlakalo ekuthiwa wabe eyiqhuba nomshushumbisi wezidakamizwa uGlenn Agliotti.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)