Durban – UBlayne Shepard, 25, ugwetshwe iminyaka emithathu ngecala lokubulala ngokungenhloso owayekwiRoyal Marine uBrett Williams, kusho iNational Prosecuting Authority (NPA) ngoLwesihlanu.
UNatasha Ramkisson-Kara weNPA uthe isicelo sikaShepard sokudlulisa icala samukeliwe, ibheyili yakhe ka-R5 000 yelulwa.
Funda nalolu daba: Abafundi basethekiwni abawafuni amasi
“Sigculisekile ngesigwebo. Kukhombisa khona ukuthi abokufika nabo banelungelo lokuvikelwa yizinkantolo kanye nomthethosiseko waseNingizimu Afrika,” usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.