UThulani Titus Mathebula, 25, waseSchoemansdal ngaseMalalane, ulivumile icala lokubulala ngesikhathi evele enkantolo ngoLwesibili.
Waboshwa ngoNovemba 10 ngonyaka odlule ngokubulala uThabisile Bhembe.
OLUNYE UDABA: Owathola ushwele uvelile ngelokubulala unkosikazi
IMantshi u-Edgar Moletsane ithe yize uMathebula elivumile icala futhi engakaze atholakale esephutheni, ukuzisola kwakhe ngeke kumbuyise uBhembe.
"Ulwazi enginalo lutshengisa ukuthi wambulala ngenhloso uBhembe yize ngingenabo ubufakazi balokho.
"Waya emzini wakhe uphethe ummese wase uyamgwaza ngemuva kwengxabano eyaqubuka mayelana nemali ayekukweleta yona.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho