INkantolo yeMantshi yaseRoodepoort igwebe uSimon Phillips, 39, iminyaka emibili esejele, nelengiswe iminyaka emihlanu ngemibandela yokuthi asebenze emakhazeni aseChris Hani-Baragwanath Hospital amahora angu-720.
Lokhu kungemuva kokuthi yona le nkantolo ithole uPhillips enecala lokudicilela phansi isithunzi sikaNgidi ngenyanga eyedlule.
Ishobolo likaNgidi laqala endaweni yokupaka izimoto eVirgin Active ngoJulayi wonyaka odlule, eConstantia Kloof, esegoduka.
Wathi esephuma ngemoto wabona imoto yohlobo lwe-VW Polo emhlophe, kaPhillips, iza kuyena.
Kuthiwa uPhillips, nowayevutha engabaselwe, wabe esethethisa uNgidi wambiza ngemfene nangek*****a ngokwenza kancane.
Emakhazeni, uPhilipps uzokwamukela izivakashi, ageze aphinde agqokise izidumbu, bese ezilungiselela ukuba zilandwe.
Lesi sigwebo kuthiwa sizofundisa uPhillips isifundo sokuthi aphathe abantu ngenhlonipho – akukhathaleki bayaphila noma bashonile.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter