isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Ugwetshiwe owakuleli eThailand

2012-06-18 13:55
Cape Town - Owesifazane wakuleli owabanjwa ezama ukushushumbisa izidakamizwa eThailand usegwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele lakhona eThailand kwathiwa akakhokhe nesamba semali engu-R250 000.

UNolubabalo Nobanda ugwetshwe ngoMsombuluko, kuqinisekisa inxusa lakuleli eThailand.

Isigwebo sakhe besiyiminyaka engu-30 nokho sehliswa saba yiminyaka engu-15 ngoba ubesebenzisana namaphoyisa futhi ulivumile leli cala, kusho abezindaba ze-EWN.

Lona wesifazane wase-Eastern Cape waboshwa esikhumulweni sezindiza eBangkok International Airport ngenyanga kaDisemba ezama ukushushumbisa i-cocaine yesamba sika-R1.2 million, abe eyifihle emiyekweni yakhe

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)