Johannesburg - Ugwetshiwe uthishanhloko wasenkulisa oneminyaka engu-68 ubudala owayalela izingane ukuba zimphindele lokho ezibanjwe zikwenza - wabe eseziqopha.
UDaphne Sithembe, ugwetshwe iminyaka emihlanu kodwa walengiselwa yona, kubika i-AlexNews.
Igama lakhe lizochicilelwa ebhukwini likazwelonke labantu abanamacala ocansi kanti kuzodingeka ukuba aphinde adalule ukuthi watholakala enecala uma kwenzeka ethola umsebenzi wokuqapha izingane esikhathini esizayo.
Funda nalou daba: Owokufika ukhala 'ngokufikiswa' amaphoyisa akuleli
Isehlakalo senzeka ngoFebhuwari 2014 ngemuva kokuba ingane eneminyaka emibili nenye eneminyaka emihlanu ubudala zibanjwe zenza ucansi endlini encane.
Uthisha owazibamba wabikela uthishanhloko owabe eseziyalela ukuba zimphindele, wabe eseziqopha ngeselula yakhe.
USithembe ulivumile icala abebhekene nalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.