Durban – INkantolo yeMantshi yaseVerulam igwebe owesifazane oneminyaka engu-49 ubudala wasePhoenix iminyaka engu-18 ebhadla ejele ngokudlwengula umshana wawakhe.
Kusolakala ukuthi lezi zigameko zokudlwengula zenzeka phakathi kweminyaka e-2012 no-2013 ngesikhathi umshana esaneminyaka engu-14 ubudala.
Unina wale walo mfana waba nokusola nokwathi uma ebuzwa wavuma ukuthi nebala uninalume wakhe uzitika ngaye ngocansi.
OLUNYE UDABA: Ithole udilikajele indoda eyadlwengula umshana
“Kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa sasePhoenix kwaqala uphenyo nebala uninalume wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela,” kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu Natal uLieutenant General Mmamonye Ngobeni uncome umsebenzi wamaphoyisa ngaleli cala.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho