Le ndoa yaseHammarsdale, 32, yaqala ukudlwengula indodakazi yayo ngo-2008 ngesikhathi le ngane iqala ukuhlala nayo nomndeni wayo, kusho okhulumela i-NPA uNatasha Kara.
Kuthiwa indodakazi yakhe yayineminyaka eyisithupha ubudala ngalesi sikhathi.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokudlwengula indodakazi
Le ngane yayihlala nomama wayo, kepha yaphoqeleka ukuba iyohlala nobaba ngesikhathi unina ehlatshwa ukugula.
Kwathi ingane isivakashele umama ngo-2012, yanqaba ukubuyela kubaba wayo.
Ingane yagcina igonyulukile kusonhlalakahle nomama wayo ukuthi yadlwengulwa ngubaba wayo izikhawu eziningi.
Esitatimendeni esisenkantolo le ngane yathi: “Okwenzeka kumina angikufiseli muntu, noma ubaba angaphika kodwa iqiniso uyalazi.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter