Durban - Owesilisa, 30, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yaseVerulam iminyaka engu-20 ebhadla ejele ngokudlwengula ingane kamakhelwane eyayineminyaka engu-14 ubudala ngo-2013.
"Umdlwenguli wayesebenza ebusuku wase ecela isisulu ukuba simgadele umuzi wakhe. Wathi esebuya wasabisa isisulu ngommese wasidlwengula," kusho okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane.
OLUNYE UDABA: Ugogo ukwazile ukukhiyela umdlwenguli
Isisulu sahayiza kwezwa udadewabo wazama ukusiza, kepha naye wakhonjwa ngommese.
Ingane le yabe isibikela umama wayo ngokuyehlele, kwase kuvulwa icala emaphoyiseni.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni ushayele amaphoyisa ihlombe ngomsebenzi omuhle wokuqinisekisa ukuthi le ndoda itholakala inecala.