Cape Town – Uhlangabezane nembibizane uNdunankulu waseWestern Cape uHllen Zille ngesikhathi engene esiteji ukuzobingelela izinkumbi zabantu ebezithamele umcimbi weCape Town International Jazz Festival wamahhala obuseGreenmarket Square.
Ngokubika kweCape Argus uZille uhluleke nokukhuma ngesikhathi izinkumbi zabantu zimhebeza zimhhahhameza zishawoda zithi “boo boo” kwathi ezinye zamemeza ukuthi “Cape Times! Cape Times!”
OLUNYE UDABA: Siyamphelela isikhathi uZuma - Zille