Johannesburg – Uhleli lubhojozi umndeni womsolwa obanjwe eBeit Bridge eMusina osolwa ngokubulala isihlabani sebhola kuleli uSenzo Meyiwa ngokusho kombiko.
I-Saturday Argus ibike ukuthi lokhu kulandela ngemuva kokuba amaphoyisa ebophe uZanokuhle Mbatha waseVosloorus.
“Siyawusabela umndeni wawaMbatha.
Impilo yabo kungenza ibe sebungozini.
Sinxusa ukuthi abantu behlise imimoyo bavumele umthetho indawo yawo,” kusho omunye wabaphenyi.
OLUNYE UDABA: UMeyiwa uyithwalile iBafana – Mashaba
Okhulumela amaphoyisa uNeville Malila uthe abaphenyi baphenye inqwaba yabantu ngemibuzo kusukela ngoMsombuluko.
UMalila uthe uMbatha obevele eNkantolo yeMantshi yaseBoksburg ngoLwesihlanu uzophinde avele kuyona le nkantolo ngomhlaka 11 kuNovemba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho