Cape Town – Uhulumeni ufuna kuvalwe abantu abangaphansi kweminyaka engu-21 ubudala ekutheni baphuze utshwala njengoba manje abantu abana-18 bevunyelwa ezinkambeni zikaFaro.
UMnyango wezoHwebo neziMboni ushicilele iNational Liquor Policy emqulwini ogazethiwe ngesonto eledlule, kubika iCape Times.
Ngaphansi kwalo mgomo omusha, iminyaka evumelekile yokuphuza izonyuswa isuka ku-18 iya ku-21 ubudala.
OLUNYE UDABA: Okusha ngabaphuza kakhulu utshwala
UMnyango uphinde waphakamisa ukuthi kumele kuqiniswe isandla odabeni lokuthengwa nokudayiswa kotshwala.
Uqhube ngokuthi utshwala luhambisana nezinkinga eziningi zezempilo.
Isikhulu sokushaywa kwemithetho nemigomo kulo Mnyango, uMacDonald Netshitendze, sithe uphenyo lwe-World Health Organisation (WHO) luthole ukuthi ikota yezingozi zomgwaqo zidalwa abashayeli abangaphansi kweminyaka engu-21 ubudala.