Lokhu kuyize uhulumeni uphumele obala waphika ukuthi kwaba khona uhwebo oluthize ngesikhathi kudedelwa lezi zidumbu.
Umhleli weMail & Guardian u-Angela Quintal uthe lo mbiko usekelwe yimiqingo ephuma kongqongqoshe nasezikhulwini zikahulumeni.
OLUNYE UDABA: Sezihlolwe zonke izidumbu kolwaseNigeria
"Lokhu kubalwa ingxoxo ephakathi kukaRadebe noKlebe kanye nama-email ezikhulu ezithile,” esho.
"Lama email akubeka ngokusobala ukuthi ungqongqoshe wayefuna kumiswe uphenyo, izikhulu-ke zona zazizwakalisa ukukhathazeka.”
UQuintal ubephendula isitatimende sikalowo okhulumela uhulumeni uPhumla Williams ngesikhathi ethi: “Uhulumeni uthanda ukucacisa ukuthi akuzange kube khona hwebo neNigeria ngesikhathi kulandwa izidumbu.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter