Pretoria - Uhulumeni wakuleli uzothumela ibhanoyi leSouth African National Defence Force (SANDF) eLagos, eNigeria, ngeSonto ukuyohlangula abakuleli abasinde ngesikhathi kubhidlika ibhilidi lesonto. Bangu-84 abantu abashonile okubikwa ukuthi bangabaseNingizimu Afrika, kubika iSABC.
Kodwa izikhulu zithi azikho izidumbu zabashonile ezizobuyiselwa kwelaseNingizimu Afrika ngaleli bhanoyi njengoba ongoti bakuleli abaseLagos besaqhubeka nomsebenzi wokuhlonza izidumbu.Funda nalolu daba: Osinde kuwa ibhilidi lesonto ukhala ngosathane.
Bathi lo msebenzi uzothatha cishe izinsuku eziyisikhombisa ukuba uphothulwe ngenza yobucayi bokwenziwa kolibo fuzo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.