Share

Ukhala ngamaphoyisa uyise wentombazane eyabulawa

Johannesburg – Uyise wentombazane eyatholakale ibulewe eGoli uchaze ngokuba yizahluleki kwamaphoyisa ngemuva kokubika  ngokunyamalala kwendodakazi yakhe.

Ngokubika kweSowetanlive u-Ipeleng Moholane obengumfundi wesikhungo semfundo ephakeme iMidrand Graduate Institute watholwa eseshonile esigangeni ePresident Park khona eMidrand ngoMsombuluko.  

Uyise wale ntombazane ebineminyaka engu-19 ubudala u-Isaac Moholane uthe umndeni usashaqekile ngalesi sigameko.

“Sengisibonile isidumbu sakhe, wadlwengulwa wabe eseyaklinywa.

Izinyawo zakhe beziboshwe ngephenti lakhe.

Sengike ngaya futhi nalapho isidumbu sakhe satholwa khona.

Indodakazi yami ishone ngesihluku esimangalisayom,” kusho uMoholane okholelwa ekutheni indodakazi yakhe yabulawa ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe amaphoyisa ngokweqa kwesiboshwa

Uthe wachitha usuku lonke no-Ipeleng ngosuku lokugubha omama kanti waphinde waxhumana naye phakathi nesonto kanti wayengakhombisi ukukhathazeka. UMoholane uthe indodakazi yakhe yanyamalala ePitoli ngemuva kokuhambela inkonzo. 

Uqhube wathi uke amaphoyisa ayinohlelo oluqondile nokubhekana nesimo esifana nokunyamalala kwendodakazi yakhe ngabe isaphila.

“Amaphoyisa ahlulekile ukuba wusizo.

Ngangifuna ukuthi kulandelwe umkhondo kamakhalekhukhwini wakhe kodwa angizange ngisizakale.

Kunabantu abangitshela ukuthi indodakazi yami yabonakala kwiBMW emnyama nabesilisa baseNigeria,” esho.

ULieutenant-Colonel Lungelo Dlamini uthe amaphoyisa azobhekana nezikhalo zomndeni mayelana nokuphathwa kwaleli cala uma esethola isimangalo esisemthethweni.  UDlamini uthe amaphoyisa ayaphenya ngokubulawa kuka-Ipeleng.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 406 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 853 votes
Vote
Rand - Dollar
19.09
+0.4%
Rand - Pound
23.62
+0.9%
Rand - Euro
20.33
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
942.40
-0.8%
Palladium
1,023.50
-0.6%
Gold
2,395.37
+0.7%
Silver
28.74
+1.8%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE