Johannesburg – Isihlabani sikanobuhle wakuleli uTinyiko Mathusa usashaqekile ngemuva kokuba isisebenzi sasendlini sakwakhe sinyamalale nendodakazi yakhe enezinyanga ezingu-18 ubudala.
Ngokubika kweSowetan uBarbara Moyo akakaze axhumane noMathusa izinsuku ezimbili njengoba ucingo lwakhe luvaliwe kusukela ngoLwesibili lapho agcina khona ukukhuluma nendodakazi yakhe uTrinity Beckord emini.
UMathusa obesathukile utshele leli phephandaba ukuthi ubemphathisa okwelungu lomndeni uMoyo njengoba ebebuye amgibelise ibhanoyi uma egoduka eya eZimbabwe ngamaholidi kaDisemba.
OLUNYE UDABA:Kusolwa eyomuthi enganeni efihlwe ingenangalo
“Ngicela abuyise ingane yami, aqhubeke nanoma yini athanda ukuyenza ngemuva kwalokho,” kusho uMathusa.
UMathusa uchaze ingane yakhe ebuye yenze izikhangiso kumabonakude njengengane ekhululekile ebathandayo abantu.
“Ngifisa sengathi kungabakhona ongithintayo angitshele ukuthi mangizolanda indodakazi yami,” esho.
UMathusa ubikele amaphoyisa ase-Edenvale ngokunyamalala kwendodakazi yakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho