Share

Ukhulelwe owadlwengulwa ngumyeni kanina

Nelspruit - Owesilisa usolwa ngokudlwengula ingane kankosikazi wakhe ngemuva kokuthi lezi zithandani bese zizame iminyaka ukuthola ingane kepha kungalungi, ngokusho kombiko.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uConstable Willie Mokwana, lo baba, 30, wathuma le ngane yentombazane angayizali, 15, ukuba iyobheka izimbongolo ehlathini, kubika iDaily Sun.

Kusolakala ukuthi wabe eseyilandela, wayithintathinta ngaphambi kokuyidlwengula.

“Le ndoda edabuka eKatjibana ngaseVaalbank, eMpumalanga, itshele amaphoyisa ukuthi ayinaye umntwana ngoba umama wengane akakhulelwa yize sebezame iminyaka," kusho uMokwana.

“Uthi ubefuna ukuhlola ukuthi ngabe uyakwazi yini ukuthola abantwana ngokuthi ayengele le ngane ehlathini bese eyayidlwengula."

UMokwana uthi lo baba waqala ngoFebhuwari ukulala nale ngane, okumanje inezinyanga eziyisithupha izithwele.

Uvumile ukuthi ungubaba wengane esesiswini, wabe esebekwa icala lokudlwengula.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
23% - 31 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
77% - 103 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
-0.2%
Rand - Pound
23.66
-0.2%
Rand - Euro
20.19
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.22
+0.0%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
982.70
+0.6%
Palladium
1,034.50
-1.5%
Gold
2,386.83
+0.1%
Silver
28.81
-0.2%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
68,349
0.0%
All Share
74,519
0.0%
Resource 10
63,879
0.0%
Industrial 25
100,148
0.0%
Financial 15
15,828
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE