Cape Town – Ukubulawa kowesilisa waseMozambique u-Emmanuel Sithole akuhlangene nodlame olubhekiswe kwabokufika kodwa kwaba yisenzo sobugebengu ngokusho kukaNgqongqoshe wezokuPhepha kwezwe uDavid Mahlobo.
Nakuba ababulali bakhe nbengathathanga lutho kuyena okubalwa umakhalekhukhwini nemali kodwa uMahlobo uthe:
“Siyazi ngokuthi abazibonela bathi kwakuyisigameko sokubamba inkunzi. Ukuthi abathathanga lutho akuchazi ukuthi abakwenza akubona ubugebengu,” esho ngoLwesibili ePitoli ngesikhathi kungqungquthela yabezindaba.
OLUNYE UDABA: Indodana kaZuma ifuna uMalema axolise
UMahlobo uthe ngeke akwazi ukwanda ngolunye ulwazi ngalolu daba ngenxa yokuthi selusenkantolo.
“Siyazi kunezinye izinto ezantshontsha ezifana nogwayi kodwa ngeke sande kakhulu ngoba udaba lusezithebeni zenkantolo,” esho.
USithole wabulawa e-Alexandra emasontweni amabili adlule kanti ukubulawa kwakhe kwamataniswa nezigameko zodlame olubhekiswe kwabokufika oselushiye inqwaba yabantu besele dengwane ezindaweni ezahlukeke ikakhulukazi KwaZulu Natal.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho