Le nhlangano ithi u-95% wezibalo zabantu ababoshwayo ngezabantu abasuke beboshelwa ukutholakala nensangu, kubika iSABC.
Izibalo zobugebengu ezimenyezelwe ngoLwesihlanu nguKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uRiah Phiyega ePitoli ziveze ukuthi amacala ezidakamizwa enyuke ngo-26.1%.
Funda nalolu daba: Kukhishwe izibalo zobugebengu.
Isikhulu esiphezulu se-Anti-Drug Alliance, uQuinton van Kerken sithi: “Asibheke indlela okwenziwa ngayo emazweni omhlaba, izwe lasePortugal lagunyaza ukusetshenziswa kwensangu ngo-2000, kanti kusukela lapho izinga lobugebengu selehle ngo-50%.
UKerken uthi izinga lokwenyuka kobugebengu linyuswa ukuthi kubalwa nabantu ababoshelwa ukuthi batholakale nensangu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).