Uphiko lusho kwanjena esikhumbuzweni seminyaka engu-50 umholi uNelson Mandela ethula inkulumo yakhe ecaleni lodumo iRivonia Trial.
"Isiphakamiso sokuthi abantu bone amavoti, singukwethuka abantu abafana noMadiba nabanye abaningi abalwela inkululeko yezwe," kusho isitatimende.
"Siyacela abantu abasha baphume ngobuningi babo bayolwela inkululeko yabo ngevoti, bathokozele impumelelo ka-1994. Kumele baphume bayovotela uKhongolose."
Uphiko lukhulume lwagxeka isiphakamiso saloyo owabe enguNgqongqoshe kuhulumeni, uRonnie Kasrils, ophume umkhankaso wokuthi abantu bangayivoteli i-ANC.
"Kithi abantu abasha, inkulumo kaMadiba ayenza ecaleni laseRivonia, inamandla futhi yiyo eyasikhulula," kusho umkhulumeli wophiko uBandile Masuku.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).