IJaji u-Igna Stretch uthole uRudolf Struwig, 51, enecala lokubulala yize kwadubula uLucky Mlangeni, okumanje udonsa udilikajele ngemuva kokuvuma icala ngo-2012.
UMlangeni wethula ubufakazi, wathi uStruwig wamnikeza u-R5 000 ukuba ahlukaniselane nabanye ngokudubula babulale uSimphiwe Ndlovu ngaseHowick ngo-2002.
OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo ovume elokubulala intombi
Waphinde wanikezwa u-R5 000, ukuba ahlukaniselane ngawo noRasta, ngokubulala uMandla Masango ngaseBalgowan ngo-2004.
UMlangeni wathi yize ayenesibhamu esisemthethweni, uStruwig wamqashela isibhamu esingekho emthethweni ukuba aqhube umsebenzi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho