Johannesburg - Kushone umama nosana lwakhe olunezinyanga eziyisithupha ubudala, ngesikhathi beshaywa umphezulu endaweni yaseMphondi, ngaseNquthu, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo KwaZulu-Natal.
Indoda eneminyaka engu-28 ubudala kanye nendodakazi yayo eneminyaka emine ubudala, bathole ukulimala.
Umbani uhlasele ngoMgqibelo ebusuku, kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo uRobert McKenzie.
Ngawo uMgqibelo ekuseni, owesifazane oneminyaka engu-28 ubudala, umfana oneminyaka engu-12 ubudala, nentombazanyana eneminyaka engu-5 ubudala, balimale kabi beshaywa wumbani.
Abalimele bathole usizo base bethuthelwa esibhedlela saseNquthu, kuchaza uMcKenzie.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.