Umama, 46, indodakazi, 19, kanye nomshana wakhe, 10, bashone ngesikhathi umphezulu ushaya indlu abebehlezi kuyo, kusho okhulumela i-Emergency Medical Services uRobert Mckenzie.
"Umyeni walo wesifazane usindile kulesi sigameko.”
OLUNYE UDABA: Umbani ubulale 9 eMpumalanga
Lokhu sekubeka inani kwabayisithupha asebebulawe ngumbani esifundazweni, njengoba abanye abantu abathathu beshaywe ngumbani ngaseVryheid ngoMgqibelo.
Abesifazane ababili, ababalelwa eminyakeni eko-75 ubudala, nowesilisa oko-60 ubudala bafe ujuqu.
Kukholakala ukuthi bebesendlini ngesikhathi bevelelwa yile nhlekelele okuphinde kwalimala kabi kuyo abanye abantu abathathu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho