Durban – USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uSenzo Mchunu usefanise amandla enhlangano namadlelandawonye nakaNkulunkulu uqobo.
"IDemocratic Alliance ayinamandla. Uma uhlanganisa amandla e-ANC, SACP naweSanco KwaZulu-Natal, lawo mandla angaqhudelana nakaNkulunkulu kuphela. Ngeke sisatshiswe yi-DA," kusho uMchunu etshela abebethamele ingqungquthela yeCosatu eThekwini.
OLUNYE UDABA: I-ANC eThekwini ayithi vu ngenkomfa yobuholi
"Baningi ababethi le nkomfa ngeke iphumelele, izophazamiseka ngenxa yokungaboni ngasolinye," kuqhuba uMchunu.
"I-ANC yabamba inkomfa yokuqoka ubuholi eMangaung ngo-2012 ngaphandle kwabathile. Labo bantu bahlubuka bayosungula iCope."
UMchunu uqhubekile wakhuluma ngamanye amaqembu okubalwa i-IFP, UDM kanye ne-NFP wathi ngeke alibone elidlalayo uma kuziwa kuKhongolose.