Lo mfana uvume icala lokubulala uWill, 69, no-Anje Kiesling, 66, kanye nokweba isibhamu, amaselula amabili neveni yalezi zithandani.
Ubevele ngaphambi kweMantshi uGerhard Pretorius, eNkantolo yeMantshi eseMokopane.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe abathathu ngelokubulala
Icala beliqhubeka esithe ngenxa yokuthi ummangalelwa ungaphansi kweminyaka engu-18 ubudala.
Kulindeleke ukuba agwetshwe ngoJanuwari.
Lo mfana waboshwa lapho ehlala khona eMossel Bay, eWestern Cape, ngoMashi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho