Uvele eNkantolo kaMantshi eThohoyandou umfundi waseNyuvesi osolwa ngamacala amane okubulala, ukudlwengula kanye nokushaya, ezehlakalweni ezenzeka e-University of Venda namaphethelo, kusho amaphoyisa aseLimpopo.
Umsolwa oneminyakla engu-24 ubudala, elingeke lidalulwe igama lakhe okwamanje, usolwa ngokubulala abesifazane ababili kanye nezingane ezimbili, eneminyaka engu-9 nenye eneminyaka engu-8 ubudala.
Icala lihlehliselwe u-Okthoba 21 ukuze kuqhutshwe uphenyo, kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.
Inkantolo imthweswe amacala angu-16, okubalwa kuwona namathathu okudlwengula, amathathu okushaya, kanye namathathu okuthumba.
Uboshwe ngoLwesibili ngezithuba
zabo-07:00 lapho kuhlala khona abafundi enyuvesi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.