Share

Ummangalelwa utshele imantshi ukuthi iyamnyanyisa

Nelspruit – Owesilisa osolwa ngokudlwengula eMpumalanga utshele inkantolo yeMantshi yaseTonga ukuthi iyamnyanyisa.

Kuthiwa lona wesiliswa okukholwakala ukuthi ikhanda lakhe alithathi kahle ukusho lokhu ngoMsombuluko ngesikhathi evela phambi kweMantshi uHazel Khoza. 

Umbiko uthi uFanie Ndlovu oneminyaka engu-23 ubudala waseMangweni uliphikisile icala lokudlwengulwa asolwa ngalo.

Kuthiwa uNdlovu usho ngolaka ukuthi: “Angihlanyi mina,” ngesikhathi esebhokisini labasolwa ekhomba imantshi.

Uqhube wathi: “Uyanginyanyisa wena”.

Abantu abebethamele leli cala bazwakale beqhuma phezulu wuhleko ngaleso sikhathi imantshi uKhoza ikuzibile lokhu yamtshela ukuthi uzophindeselwa esebhedlela sabangaphilile engqondweni iWeskoppies ukuze aqhubeke nokuhlolwa isimo sakhe.

Kuthe kusenjalo wazwakala esencenga imantshi.

“Ngiyacela Mhlonishwa sengifuna ukushintsha ngilivume icala manje.

"Sengikhathele uwena ulokhu ungibuyisela esibhedlela iWeskoppies, sengifuna ukugoduka ngiye ekhaya,” esho ememeza.

Icala likaNdlovu lihlehliselwe umhlaka-1 Okthoba lapho imantshi izophinde ibheke nemiphumela yesimo sengqondo yakhe.

UNdlovu selokhu aboshwa ngomhlaka-8 Novemba kanti ubegcinwe kulesi sibhedlela.   


   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 385 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 529 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,016.25
+1.4%
Gold
2,221.48
+1.2%
Silver
24.88
+1.0%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE