Durban - Umndeni kaMalusi Khambule, 20, waseManzimnyama, eNkandla, uthi usadidekile ngokuthola izindaba ezithi umufi ubephila eyobutabane eThekwini, ekubeni bona bebemazi njengomuntu osindisiwe.
Umfowabo kaMalusi, uThandwayinkosi, uthi bezwa ngowesifazane othile ukuthi uMalusi wagwazwa yisoka lakhe washona eThekwini, kubika iDaily Sun.
“Lo wesifazane wathola ukuthi uMalusi ubefunda eNgobe High School wase ebikela isikole, kwayiso esithinta mina,” kuqhuba uThandwayinkosi.