Johannesburg - Ziqalile izinhlelo zokuqinisa ezokuphepha emgwaqeni njengoba kuza isikhathi samaholidi kaKhisimusi, kusho uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape.
UNgqonqgoshe woMnyango uWeziwe Tikana, uhlangane nezinhloko eMnyangweni wakhe, kwadingidwa ngomkhankaso wokuphepha emgwaqeni, kusho umkhulumeli woMnyango uNcedo Kumbaca.
Funda nalolu daba: Kushone 7 engozini eKZN
Umkhankaso uzokwethulwa ngokusemthethweni mhlaka-08 Disemba, enkundleni yezemidlalo iDukathole.
“Simi ngomumo ukubhekana namaholidi, umkhankaso wonyaka uzokuba ngcono kakhulu kunowangeminyaka eyedlule," kusho uTikana.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.