Durban - Umphakathi ubambe umbikisho wafunga wagomela ukuthi uzozibambela ngezandla kwabasolwa ngokubulala ilungu lomphakathi, uma kwenzeka iNkantolo kaMantshi wakwaMbonambi, ibanika ibheyilli.
Amadoda amahlanu asolwa ngokuthumba nokubulala uWelcome Menyuka Gumede, 25, ekwatholakala isidumbu sakhe singcwatshwe olwandle eNhlabane ngoLwesihlanu.
Ngokusho kwabezindaba zeZululand Observer, uGumede wanyamalala mhlaka-2 Okthoba.
Umphakathi uthi kungenzeka ukuthi ukufa kukalona kuhlobene nokufa kwabanye abantu abaningi okwaqala ukugqama ngo-2008.
Funda nalolu daba: Lingenile elowabulala wabilisa inhliziyo
Ababhikishi abawotha ubomvu bathi kungenzeka ukuthi baningi ababulawa bangcwatshwa njengoGumede.
Ababhekene necala ngoPhumlani Mbuyazi,41, Bongani Mbuyazi, 41, Kingdom Mthiyane, 39, Nhlakanipho Zikhali, 46, kanjalo noSandile Mthiyane,33.
Kuyacelwa abangaba nolwazi ngezehlakalo zokubulawa kwabantu kule ndawo, bashayele amaphoyisa asesiteshini sakwaMbonambi ku -035 5801222 noma ku-035 5808066.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.