Share

Umphakathi uwotha ubomvu ngabasolwa ngokubulala

Durban - Umphakathi ubambe umbikisho wafunga wagomela ukuthi uzozibambela ngezandla kwabasolwa ngokubulala ilungu lomphakathi, uma kwenzeka iNkantolo kaMantshi wakwaMbonambi, ibanika ibheyilli.

Amadoda amahlanu asolwa ngokuthumba nokubulala uWelcome Menyuka Gumede, 25,  ekwatholakala isidumbu sakhe singcwatshwe olwandle eNhlabane ngoLwesihlanu.

Ngokusho kwabezindaba zeZululand Observer, uGumede wanyamalala mhlaka-2 Okthoba.

Umphakathi uthi kungenzeka ukuthi ukufa kukalona kuhlobene nokufa kwabanye abantu abaningi okwaqala ukugqama ngo-2008.

 Funda nalolu daba: Lingenile elowabulala wabilisa inhliziyo

Ababhikishi abawotha ubomvu bathi kungenzeka ukuthi baningi ababulawa bangcwatshwa njengoGumede.

Ababhekene necala ngoPhumlani Mbuyazi,41, Bongani Mbuyazi, 41, Kingdom Mthiyane, 39, Nhlakanipho Zikhali, 46, kanjalo noSandile Mthiyane,33.

Kuyacelwa abangaba nolwazi ngezehlakalo zokubulawa kwabantu kule ndawo, bashayele amaphoyisa asesiteshini sakwaMbonambi ku -035 5801222 noma ku-035 5808066.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 256 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 367 votes
Vote
Rand - Dollar
19.00
-0.5%
Rand - Pound
24.00
-0.5%
Rand - Euro
20.53
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.36
-0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.5%
Platinum
903.65
+0.8%
Palladium
1,016.75
+1.5%
Gold
2,210.49
+0.7%
Silver
24.61
-0.1%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,275
+0.9%
All Share
74,459
+0.7%
Resource 10
57,075
+2.5%
Industrial 25
103,782
+0.5%
Financial 15
16,515
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE