Share

Umshophi umzali ebulala indodakazi ngemoto yomsebenzi

Durban – Umshophi owesifazane eshayisa ebulala indodakaza yakhe ngemoto yomsebenzi eMlazi eningizimu yeTheku nokuyisigameko esishaqise umphakathi ngokusho kombiko.

Ngokubika kweDaily Sun uSithembile Khanyil namanje usazama ukubuyela esimweni sakhe ngemuva kwalesi sigameko okusenzima ukusidlulisa engqondweni yakhe esenzeke ngoMgqibelo esigcemeni sakwa-P eMlazi.

Amaphoyisa kubikwa ukuthi avule icala lokubulala ngokungenhloso kodwa bekungaboshwa muntu ngalesi sigameko.

Kubikwa ukuthi ukuthi uSithembile wayehlehlela ngemoto egcekene ngesikhathi eshayisa indodakazi yakhe u-Amile Khanyile yashonela khona lapho.

Omunye womakhelwane ocele lingadalulwa igama lakhe uthe lena yingozi enyantisa igazi kakhulu kuzozonke esake azibona empilweni yakhe.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala umlamu wakhe

“Sezwa ngomhayizo omkhulu ngesikhathi sibona owesifazane ephuma ngokushesha emotweni eyobheka ingane yakhe ngemuva.

Sithe uma sisondela samfica ekhala engasalawuleki ingane isishonile. Wasitshela ukuthi ushayise ingane yakhe ngephutha ngesikhathi ukuhlehlela akhiphe imoto egcekeni,” kusholo makhelwane.

Leli phephandaba lithole ukuthi uSithembile ushde ngonyaka owedlule noSizwe Khanyile waselokishini laseMpumalanga entshonalanga yeTheku.

Laba bashadikazi bebeqashe indawo yokuhlala eMlazi abayithole ngemuva kokubopha elikasofa silahlane.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa eMlazi wabe esekuqinisekisa futhi bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko esishaqisayo.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 954 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 999 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.90
-0.4%
Rand - Euro
20.55
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.4%
Platinum
915.40
-0.5%
Palladium
1,008.00
-1.8%
Gold
2,318.72
-0.1%
Silver
27.16
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,696
+1.0%
All Share
74,611
+0.8%
Resource 10
60,238
+1.1%
Industrial 25
104,196
+1.4%
Financial 15
15,922
+0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE