isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Umthetho uvuna abamhlophe - Cosatu

2012-05-23 16:32
Johannesburg - Umthetho waseNingizimu Afrika uvuna idlanzana labantu abamhlophe nabantu abanemali, kusho inyunyana yabasebenzi iCongress of SA Trade Unions, ngoLwesithathu.

ICosatu esifundazweni iNorth West, isho kanjena kulandela isinqumo seNkantolo enkulu eVentersdorp.

Inkantolo imkhiphe phambili umfana osemncane obebhekene necala lokubulala u-Eugene Terre'Blanche ngonyaka ka-2010.

UPatrick Ndlovu, utholakale enecala lokuqgekeza kuphela kwathi obekade esolwa naye uChris Mahlangu watholakala enecala lokubulala.

"SiyiCosatu siyohleze sisho ukuthi izinkantolo zichemile, zivuna abamhlophe. Abantu abahluphekayo namannje bacindezelwe nomthetho uyehluleka ukubavikela," kusho okhulumela inyunyana uSolly Phetoe.

Esitatimendeni, uPhetoe uthi baphoxekile ngesinqumo senkantolo.

Uthi kubukeka sengathi inkantolo ayizibhekanga izingqinamba abasolwa ababebhekene nazo.

"Kulesi sifundazwe iNorth West, sigade isigwebo, sizimisele ukuvikela abasebenzi basemapulazini," kuchaza uPhetoe.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)